Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Aristarku
IzEnzo 19 : 29
29 Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma enkundleni yemidlalo nganhliziyonye babamba uGayu no-Aristarku abaseMakedoniya ababehamba noPawulu.
IzEnzo 20 : 4
4 Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu.
IzEnzo 27 : 2
2 Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu, owawusizodabula ezindaweni zase-Asiya, sasuka; kwakukhona u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.
KwabaseKolose 4 : 10
10 Uyakhonza kini u-Aristarku isiboshwa kanye nami, noMarku indodana kadadewabo kaBarnaba, enayalwa ngaye; uma efika kini mamukeleni;
KuFilemoni 1 : 24
24 oMarku, no-Aristarku, noDema, noLucas, izisebenzi kanye nami.
Leave a Reply