Lithini iBhayibheli Amoz – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Amoz

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Amoz

2 Amakhosi 19 : 2
2 Yathuma u-Eliyakimi owayengamele indlu, noShebina, umbhali, namalunga abapristi, bembethe indwangu yamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.

2 Amakhosi 19 : 20
20 U-Isaya, indodana ka-Amose, wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngikuzwile lokho owakhuleka kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya.

2 Amakhosi 20 : 1
1 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wafa. Umprofethi u-Isaya, indodana ka-Amose, wafika kuye, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: “Lungisa indlu yakho; ngoba uyakufa, ungaphili.

U-Isaya 1 : 1
1 Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.

U-Isaya 13 : 1
1 Isiprofetho ngeBabele asibona u-Isaya, indodana ka-Amose.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *