Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Ammihud
1 IziKronike 7 : 26
26 indodana yakhe uLadani, indodana yakhe u-Amihudi, indodana yakhe uElisama,
UNumeri 1 : 10
10 Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi; u-Elishama indodana ka-Amihudi wakwaManase; uGamaliyeli indodana kaPedasuri.
UNumeri 2 : 18
18 Ibhanela lekamu lika-Efrayimi liyakuba ngasohlangothini lwasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elisama indodana ka-Amihudi.
UNumeri 34 : 20
20 Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: uSemuweli indodana ka-Amihudi.
UNumeri 34 : 28
28 Esizweni sabantwana bakwaNafetali, sisikhulu esinguPedaheli indodana ka-Amihudi.
2 Samuweli 13 : 37
37 Kepha u-Abisalomu wabaleka, waya kuTalimayi, indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.
1 IziKronike 9 : 4
4 u-Uthayi indodana ka-Amihudi indodana ka-Omri indodana ka-Imri indodana kaBani emadodaneni kaPheresi indodana kaJuda.
Leave a Reply