Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amehlo azidlayo
Izaga zikaSolomoni 6 : 16 – 19
16 Lezi zinto eziyisithupha uJehova azizondayo: yebo, eziyisikhombisa ziyisinengiso kuye.
17 Amehlo aziqhenyayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala;
18 Inhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini;
19 Ufakazi wamanga ophafuza amanga, lohlanyela ukuxabana phakathi kwabazalwane.
Izaga zikaSolomoni 21 : 4
4 Amehlo aziphakamisayo, nokuzidla kwenhliziyo, negeja lababi kuyisono;
Izaga zikaSolomoni 27 : 2
2 Umuntu makakudumise, kungabi owakho umlomo; umfokazi hhayi izindebe zakho.
Leave a Reply