Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Amazwi
Luka 4 : 22
22 Bonke bafakaza ngaye, bamangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe. Basebesithi: Lo kayisiyo indodana kaJosefa yini?
Johane 6 : 63
63 Ngumoya ophilisayo; inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhuluma kini angumoya, angukuphila.
Johane 6 : 68
68 USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
Johane 12 : 48
48 Ongalayo, engawamukeli amazwi ami, unomahlulelayo;
Umshumayeli 12 : 11
11 Amazwi abahlakaniphileyo anjengezinkandi nezipikili ezibethelwe ngabaholi bamabandla, ezinikezwe ngumalusi oyedwa.
Umshumayeli 10 : 12
12 Amazwi omlomo womuntu ohlakaniphileyo anomusa; kepha izindebe zesiwula ziyakuzigwinya.
Izaga zikaSolomoni 15 : 23
23 Umuntu uyathokoza ngempendulo yomlomo wakhe, nezwi elikhulunywe ngesikhathi salo, yeka ukuthi lihle kangakanani!
U-Isaya 50 : 4
4 INkosi uJehova inginike ulimi lwabafundileyo, ukuze ngikwazi ukukhuluma izwi ngesikhathi esifanele kokhatheleyo;
Izaga zikaSolomoni 25 : 11
11 Izwi elikhulunywe kahle linjengama-apula egolide asezithombeni zesiliva.
EkaJokobe 3 : 2
2 Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu.
Amahubo 19 : 14
14 Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, mandla ami nomsindisi wami.
1 kwabaseKorinte 14 : 9
9 Kanjalo nani, uma ningakhulumi ngolimi amazwi aqondakalayo, kuyokwaziwa kanjani okukhulunywayo na? ngoba lizakhulumela emoyeni.
1 kwabaseKorinte 14 : 19
19 Kodwa ebandleni kungcono ngikhulume amazwi amahlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise labanye, kulokukhuluma amazwi azinkulungwane ezilitshumi ngendimi.
2 kuThimothewu 2 : 14
14 Bakhumbuze ngalezo zinto, ubayale phambi kweNkosi ukuthi bangaphikisani ngamazwi, okungasizi lutho, kodwa kubhubhise abezwayo.
Leave a Reply