Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Amazwekazi
UGenesise 1 : 10
10 UNkulunkulu wabiza umhlabathi owomileyo ngokuthi umhlaba; nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UJobe 26 : 7
7 Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho, walengisa umhlaba phezu kweze.
UJobe 26 : 10
10 Wahaqa amanzi ngemingcele, kwaze kwaphela imini nobusuku.
UJobe 28 : 11
11 Uyabopha imifula ukuze ingachichima; futhi okufihliweyo uyakuveza obala.
UJobe 38 : 18
18 Ububonile ububanzi bomhlaba na? memezela uma ukwazi konke.
Amahubo 95 : 5
5 Ulwandle ngolwakhe, walwenza, izandla zakhe zabumba umhlabathi owomileyo.
Amahubo 104 : 9
9 Umisile umngcele ukuba bangaweli; hlezi baphenduke bagubuzele umhlaba.
Amahubo 136 : 6
6 Kuyena oweneka umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Izaga zikaSolomoni 8 : 29
29 Lapho eyala ulwandle ukuba amanzi angeqi umyalo wakhe, lapho emisa izisekelo zomhlaba.
Leave a Reply