Lithini iBhayibheli Amazwekazi – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Amazwekazi

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Amazwekazi

UGenesise 1 : 10
10 UNkulunkulu wabiza umhlabathi owomileyo ngokuthi umhlaba; nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

UJobe 26 : 7
7 Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho, walengisa umhlaba phezu kweze.

UJobe 26 : 10
10 Wahaqa amanzi ngemingcele, kwaze kwaphela imini nobusuku.

UJobe 28 : 11
11 Uyabopha imifula ukuze ingachichima; futhi okufihliweyo uyakuveza obala.

UJobe 38 : 18
18 Ububonile ububanzi bomhlaba na? memezela uma ukwazi konke.

Amahubo 95 : 5
5 Ulwandle ngolwakhe, walwenza, izandla zakhe zabumba umhlabathi owomileyo.

Amahubo 104 : 9
9 Umisile umngcele ukuba bangaweli; hlezi baphenduke bagubuzele umhlaba.

Amahubo 136 : 6
6 Kuyena oweneka umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Izaga zikaSolomoni 8 : 29
29 Lapho eyala ulwandle ukuba amanzi angeqi umyalo wakhe, lapho emisa izisekelo zomhlaba.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *