Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Amazinyo
Izaga zikaSolomoni 10 : 26
26 Njengoviniga emazinyweni nomusi emehlweni, sinjalo ivila kwabamthumayo.
Amahubo 112 : 10
10 Ababi bayokubona badabuke; agedle amazinyo, ancibilike; isifiso sababi siyabhubha.
IsiLilo 2 : 16
16 Zonke izitha zakho zikuvulele imilomo yazo; bashaya ikhwelo bagedle amazinyo; bathi: Sayidla; impela lolu wusuku ebesilulindile; sayithola, sayibona.
Mathewu 8 : 12
12 Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Mathewu 13 : 42
42 zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
Mathewu 13 : 50
50 zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
Mathewu 22 : 13
13 Inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimkhiphe, nimkhiphe ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Mathewu 24 : 51
51 Iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.
Mathewu 25 : 30
30 Lapho inceku engancediyo yiphoseleni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuzakuba khona ukukhala lokugedla amazinyo.
Marku 9 : 18
18 Nomaphi lapho embamba khona, uyamdwengula, akhihlize amagwebu, agedle amazinyo, ashwaqeke; ngikhulume nabafundi bakho ukuba bawukhiphe; kepha abakwazanga.
Luka 13 : 28
28 Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.
Leave a Reply