Lithini iBhayibheli Amashumi amane – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Amashumi amane

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Amashumi amane

UGenesise 7 : 17
17 Kwaba nguzamcolo emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane; amanzi anda, awudonsa umkhumbi, wawuphakamisela emhlabeni.

UGenesise 8 : 6
6 Kwathi ekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitela lomkhumbi abelenzile.

UGenesise 50 : 3
3 Zaphelela kuye izinsuku ezingamashumi amane; ngokuba zaphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa; abaseGibithe bamlilela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa.

UEksodusi 24 : 18
18 UMose wangena phakathi kwefu, wenyuka entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.

UEksodusi 34 : 28
28 Wayekhona lapho neNkosi izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalo eyishumi.

UDuteronomi 9 : 9
9 Lapho ngenyukela entabeni ukwamukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, futhi angizange ngidle isinkwa, futhi angiphuzanga manzi.

UDuteronomi 9 : 25
25 Ngase ngiwa phansi phambi kukaJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, lapho ngawa phansi ekuqaleni; ngokuba uJehova ushilo ukuthi uyakunibhubhisa.

1 Amakhosi 19 : 8
8 Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.

Mathewu 4 : 2
2 Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

UNumeri 13 : 25
25 Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane babuya ekuhloleni izwe.

UJona 3 : 4
4 UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku, wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, beselichithwa iNineve.

IzEnzo 1 : 3
3 azibonakalisa kubo ephila emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi obungenaphutha, ebonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane, ekhuluma izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu;

UHezekeli 4 : 6
6 “Kuyakuthi lapho usuqedile lokho, ulale ngohlangothi lwakho lokunene, uthwale ububi bendlu yakwaJuda izinsuku ezingamashumi amane;

UEksodusi 16 : 35
35 Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.

UNumeri 14 : 34
34 Ngokwenani lezinsuku enalihlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, unyaka nonyaka, niyakuthwala ububi benu, iminyaka engamashumi amane, naphule izwi lami.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *