Lithini iBhayibheli Amanzi – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Amanzi

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Amanzi

Amahubo 148 : 5
5 Mazidumise igama likaJehova, ngokuba wayala, zadalwa.

UGenesise 1 : 9
9 UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo.” kwaba njalo.

UHezekeli 4 : 11
11 Kumelwe uphuze amanzi ngesilinganiso, ingxenye yesithupha yehini; ngezikhathi ezithile kufanele uphuze.

2 Amakhosi 20 : 20
20 Ezinye izindaba zikaHezekiya nawo wonke amandla akhe, nokuthi ageze ngomsele, wangenisa amanzi emzini, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

UHezekeli 47 : 5
5 Walinganisa inkulungwane; futhi kwakungumfula engingeke ngiwuwele, ngoba amanzi ayephakama, amanzi okubhukuda kuwo, umfula owawungemulelwa.

UNumeri 19 : 22
22 Konke okuthinta ongcolileyo kuyakuba ngokungcolile; nomphefumulo oyithintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

UEksodusi 17 : 1
1 Ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lasuka ehlane laseSini ngamabanga alo njengesiyalezo sikaJehova, lamisa eRafidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.

UEksodusi 17 : 6
6 Bheka, ngiyakuma lapho phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uyakushaya idwala, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.

UNumeri 20 : 11
11 Khona-ke uMose waphakamisa isandla sakhe walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, futhi amanzi aphuma maningi, inhlangano yaphuza kanye nemfuyo yayo.

Abahluleli 15 : 19
19 Kodwa uNkulunkulu wadabula igodi elisemhlathini, kwaphuma amanzi kuyo; kwathi esephuzile, umoya wakhe wabuya, waphila; ngalokho waqamba igama layo ngokuthi i-Eni-Hakore, eseLehi kuze kube namuhla.

2 Amakhosi 3 : 20
20 Kwathi ekuseni kulethwa umnikelo wokudla, kwafika amanzi endleleni eya e-Edomi, izwe lagcwala amanzi.

2 Amakhosi 2 : 22
22 Amanzi asephulukisiwe kuze kube namuhla, njengezwi lika-Elisha alikhulumayo.

UEksodusi 14 : 22
22 Abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle, amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo.

UJoshuwa 3 : 17
17 Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo phakathi neJordani, bonke abakwa-Israyeli badabula emhlabathini owomileyo, kwaze kwaba yilapho isizwe sonke siwela iJordani sihlambulukile.

2 Amakhosi 2 : 8
8 U-Eliya wathatha ingubo yakhe, wayisonga, washaya amanzi, ahlukana lapha nalaphaya, badabula bobabili emhlabathini owomileyo.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *