Lithini iBhayibheli amanga – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana amanga

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amanga

Izaga zikaSolomoni 19 : 5
5 Ufakazi wamanga kayikujeziswa, lophafuza amanga kayikuphunyuka.

Izaga zikaSolomoni 6 : 16 – 19
16 Lezi zinto eziyisithupha uJehova azizondayo: yebo, eziyisikhombisa ziyisinengiso kuye.
17 Amehlo aziqhenyayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala;
18 Inhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini;
19 Ufakazi wamanga ophafuza amanga, lohlanyela ukuxabana phakathi kwabazalwane.

Izaga zikaSolomoni 12 : 22
22 Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova, kepha abenza iqiniso uyintokozo yakhe.

IsAmbulo 21 : 8
8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.

Izaga zikaSolomoni 12 : 19
19 Udebe lweqiniso luyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungomzuzwana.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *