Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amandla
U-Isaya 53 : 7
7 Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.
IsAmbulo 20 : 10
10 USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
Johane 15 : 18 – 19
18 Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.
19 Uma beningabezwe, izwe belizothanda okwalo, kepha ngokuba ningesibo abezwe, kodwa nganikhetha mina ezweni, ngalokho izwe liyanizonda.
KumaHeberu 4 : 12
12 Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.
1 kaJohane 5 : 19
19 Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi umhlaba wonke ulele ebubini.
KuThithu 3 : 5
5 Kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina, kodwa ngokwesihawu sakhe wasisindisa, ngesigezo sokuzalwa kutsha, nangokwenziwa basha ngoMoya oNgcwele;
Leave a Reply