Lithini iBhayibheli amandla kuNkulunkulu – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana amandla kuNkulunkulu

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amandla kuNkulunkulu

U-Isaya 40 : 31
31 Kepha abamethembayo uJehova bathola amandla amasha; bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi; bayogijima bangakhathali; futhi bayohamba bangadangali.

KwabaseFilipi 4 : 13
13 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.

KwabaseFilipi 4 : 6 – 7
6 Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
7 Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

Amahubo 18 : 32 – 34
32 NguNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami iphelele.
33 Wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzele, ungimisa ezindaweni zami eziphakemeyo.
34 Ufundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami ziqhamuke umnsalo wensimbi.

1 IziKronike 22 : 13
13 Khona-ke uyakuba nempumelelo, uma ulalela ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngakho uMose ngo-Israyeli: qina, uqine; ningesabi, ningapheli amandla.

KumaHeberu 4 : 15
15 Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.

KwabaseFilipi 2 : 13
13 Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.

Johane 3 : 16 – 17
16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
17 Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *