Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amandla ezwi
KumaHeberu 4 : 12
12 Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.
KwabaseRoma 10 : 17
17 Ngakho ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaNkulunkulu.
2 kuThimothewu 3 : 16
16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni;
KwabaseRoma 1 : 16
16 Ngokuba anginamahloni ngevangeli likaKristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo; kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.
IzEnzo 20 : 32
32 Manje, bazalwane, ngiyaninikela kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, onamandla okulakha, nokuninika ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe.
1 kwabaseThesalonika 2 : 13
13 Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.
2 kuThimothewu 3 : 16 – 17
16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni;
17 ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.
KwabaseGalathiya 5 : 17
17 Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya ukhanuka okuphambene nenyama; lezi zinto ziphambene, ukuze ningenzi enikuthandayo.
1 kaPetru 1 : 23
23 nizelwe ngokusha, kungengembewu ebolayo, kodwa ngengenakonakala, ngezwi likaNkulunkulu eliphilayo nelimi phakade.
Johane 15 : 3
3 Nina senihlambulukile ngezwi engilikhulume kini.
IzEnzo 6 : 7
7 Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.
UGenesise 9 : 11
11 Ngiyakuqinisa isivumelwano sami nawe; futhi yonke inyama ayisayikunqunywa ngamanzi kazamcolo; futhi ngeke kusaba khona uzamcolo wokubhubhisa umhlaba.
Johane 1 : 14
14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
UJeremiya 15 : 16
16 Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.
Johane 1 : 1 – 3
1 Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
2 Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.
3 Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe.
EkaJokobe 1 : 22
22 Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
Leave a Reply