Lithini iBhayibheli amaMormon – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana amaMormon

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amaMormon

KwabaseGalathiya 1 : 8
8 Kepha noma yithina noma ingelosi evela ezulwini inishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.

2 kwabaseKorinte 11 : 4
4 Ngokuba uma ozayo eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawemukeliyo, noma elinye ivangeli enangalemukelanga, ningambekezelela kahle.

Johane 14 : 6
6 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.

KwabaseKolose 2 : 8
8 Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu.

IsAmbulo 22 : 18 – 19
18 Ngokuba ngiyafakaza kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi, uma umuntu enezela kulezizinto, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshwe kule ncwadi;
19 Futhi uma umuntu esusa kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe encwadini yokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokho okulotshiwe kule ncwadi.

U-Isaya 44 : 6
6 Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti; Mina ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina; futhi akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *