Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amaKristu mbumbulu
U-Isaya 29 : 13
13 Ngalokho uJehova wathi: “Ngokuba laba bantu basondela kimi ngomlomo wabo, bangidumisa ngezindebe zomlomo wabo, kepha inhliziyo yabo ikude nami, nokungesaba kwabo kufundiswa ngomyalo wabantu.
EkaJokobe 1 : 26
26 Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.
Mathewu 7 : 21 – 23
21 Akusibo bonke abathi kimi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini.
22 Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho na? ngegama lakho bakhipha amademoni na? futhi ngegama lakho senze izimangaliso eziningi na?
23 Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.
1 kaJohane 1 : 8 – 10
8 Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.
9 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
10 Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.
IsAmbulo 3 : 15 – 16
15 Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi awubandi, awushisi; ngabe uyabanda noma uyashisa.
16 Ngakho-ke, ngenxa yokuba usivivi, ungashisi, ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.
1 kwabaseKorinte 13 : 2
2 Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
Mathewu 5 : 11
11 Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
IsAmbulo 21 : 8
8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.
Johane 14 : 6
6 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Mathewu 5 : 39
39 Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi;
Mathewu 16 : 23
23 Kodwa yena waphenduka wathi kuPetro: Suka emva kwami, Sathane;
2 kuThimothewu 3 : 12
12 Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.
Mathewu 5 : 42
42 Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe.
1 kaPetru 3 : 3
3 Ukuhloba kwenu makungabi ngokokwangaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokwembatha izingubo;
UEksodusi 20 : 7
7 Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uJehova kayikumyekela osebenzisa ibizo lakhe ngeze.
Luka 14 : 26
26 Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami.
Izaga zikaSolomoni 26 : 23 – 24
23 Izindebe ezishisayo nenhliziyo embi kunjengodengezi lombumbi olumbozwe ngamabibi esiliva.
24 Ozondayo unengwa ngezindebe zakhe, uceba inkohliso enhliziyweni yakhe;
Mathewu 10 : 34
34 Ningacabangi ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula, kodwa inkemba.
Luka 6 : 46
46 Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ kodwa ningakwenzi engikushoyo na?
Leave a Reply