Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amakhosazana
Johane 3 : 1 – 36
1 Kwakukhona umuntu wakubaFarisi, nguNikodemu igama lakhe, isikhulu sabaJuda;
2 Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.
3 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.
4 UNikodima wathi kuye: Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?
5 UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.
6 Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.
7 Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha.
8 Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya.
9 UNikodima waphendula wathi kuye: Kungenzeka kanjani lokhu na?
10 UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awuzazi lezi zinto na?
11 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu.
12 Uma nginitshelile okusemhlabeni, ningakholwa, niyakukholwa kanjani, uma nginitshela okwasezulwini na?
13 Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.
14 Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa;
15 ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
17 Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye.
18 Okholwa yiyo akalahlwa, kepha ongakholwayo uselahliwe, ngokuba engakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.
19 Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi.
20 Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingasolwa.
21 Kodwa owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.
22 Emva kwalokho uJesu nabafundi bakhe baya ezweni laseJudiya; wahlala khona nabo, wabhapathiza.
23 Naye uJohane wayebhapathiza e-Enoni eduze neSalimi, ngokuba amanzi ayemaningi lapho; beza babhapathizwa.
24 Ngokuba uJohane wayengakaphonswa etilongweni.
25 Kwase kuba khona ukuphikisana phakathi kwabafundi bakaJohane nabaJuda ngokuhlambulula.
26 Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye, bheka, yena uyabhapathiza, futhi bonke beza kuye.
27 UJohane waphendula wathi: “Umuntu angemukeli lutho, uma engalunikwanga luvela ezulwini.
28 Nani ngokwenu niyangifakazela ukuthi ngathi: Angisuye uKristu mina, kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe.
29 Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.
30 Yena umelwe ukukhula, kepha mina nginciphe.
31 Ovela phezulu uphezu kwabo bonke; ongowomhlaba ungowomhlaba, futhi ukhuluma okomhlaba;
32 Lokho akubonileyo lakuzwayo uyafakaza ngakho; njalo kakho owemukela ubufakazi bakhe.
33 Owamukele ubufakazi bakhe ubeke uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.
34 Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu akamniki uMoya ngesilinganiso.
35 UYise uyayithanda iNdodana, njalo unikele zonke izinto esandleni sayo.
36 Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.
Leave a Reply