Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amaholide amaqaba
UJeremiya 10 : 1 – 4
1 Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli!
2 Usho kanje uJehova, uthi: “Ningafundi indlela yabezizwe, ningesabi izibonakaliso zezulu; ngoba abezizwe bayabesaba.
3 Ngokuba imikhuba yabantu iyize, ngokuba umuntu ugawula umuthi ehlathini, umsebenzi wezandla zesisebenzi ngembazo.
4 Balihlobisa ngesiliva nangegolide; bayibethela ngezipikili nangezando, ukuze inganyakazi.
Johane 8 : 32
32 Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.
KwabaseKolose 2 : 8
8 Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu.
1 kwabaseKorinte 11 : 1 – 2
1 Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.
2 Kepha ngiyanidumisa, bazalwane, ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nigcina izimiso, njengalokho nganinika zona.
1 kwabaseKorinte 5 : 6 – 8
6 Ukuzigqaja kwenu akukuhle. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na?
7 Khiphani imvubelo endala, ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba iphasika lethu lihlatshelwe uKristu;
8 Ngakho-ke kasiwugcineni umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yobubi nokubi; kodwa ngesinkwa esingelamvubelo sobuqotho leqiniso.
2 kuThimothewu 2 : 15
15 Khuphela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
Johane 6 : 50 – 71
50 Lesi yisinkwa esehla ezulwini, ukuba umuntu asidle, angafi.
51 Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;
52 Ngakho abaJuda baphikisana bodwa, besithi: Lo angasinika njani inyama yakhe ukuthi siyidle?
53 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini.
54 Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; futhi mina ngizamvusa ngosuku lokucina.
55 Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.
56 Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.
57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.
58 Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.
59 Lokho wakukhuluma esinagogeni efundisa eKapernawume.
60 Ngakho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongakuzwa na?
61 UJesu ekwazi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi kubo: “Lokhu kuyanicasula na?
62 Kuyini-ke nxa libona iNdodana yomuntu yenyukela lapho eyayikhona kuqala?
63 Ngumoya ophilisayo; inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhuluma kini angumoya, angukuphila.
64 Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa. Ngokuba uJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi bangobani abangakholwa nokuthi ngubani oyakumkhaphela.
65 Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.
66 Kusukela ngaleso sikhathi abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.
67 Khona uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?
68 USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
69 Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
70 UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na?
71 Wayekhuluma ngoJudasi Iskariyothe kaSimoni, ngoba nguye owayezamkhaphela, engomunye wabalitshumi lambili.
KwabaseGalathiya 4 : 9
9 Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?
KwabaseKolose 2 : 16
16 Ngakho makungabikho muntu onahlulelayo ngokudla noma ngokunathwayo noma ngokuphathelene nomkhosi noma ukwethwasa kwenyanga noma amasabatha.
Leave a Reply