Lithini iBhayibheli Amahloni – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Amahloni

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Amahloni

Marku 8 : 38
38 Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.

Luka 9 : 26
26 Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise, neyezingelosi ezingcwele.

UGenesise 3 : 10
10 U-Adamu wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba, ngokuba nginqunu; ngase ngicasha.

UEksodusi 32 : 25
25 Lapho uMose ebona ukuthi abantu babenqunu; ngokuba u-Aroni wabanqunula, kwaba yihlazo phakathi kwezitha zabo.

UZefaniya 3 : 5
5 UJehova olungileyo uphakathi kwawo; akenzi okubi; njalo ekuseni uyaveza ilungelo lakhe, akaqedi; kepha ongalungile akawazi amahloni.

KumaHeberu 12 : 2
2 sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *