Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amagama kaNkulunkulu
IsAmbulo 1 : 8
8 Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.
UEksodusi 3 : 14
14 UNkulunkulu wathi kuMose: NGINGENAKHO ENGIKHONA; wathi: Uzakutsho njalo kubantwana bakoIsrayeli ukuthi: UNGUYE ungithumile kini.
U-Isaya 9 : 6
6 Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
Johane 8 : 58
58 UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: U-Abrahama engakabi khona, mina ngikhona.
UMalaki 4 : 2
2 Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.
Johane 1 : 1
1 Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
Leave a Reply