Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Amadolobha
UNumeri 35 : 5
5 Niyakulinganisa nivela ngaphandle komuzi, izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ohlangothini lwasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ohlangothini oluseningizimu, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho; umuzi uyakuba phakathi, ube idlelo lawo lemizi.
UJoshuwa 14 : 4
4 Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, uManase no-Efrayimi; ngalokho amaLevi akawanikanga isabelo ezweni, kuphela imizi yokuhlala, namadlelo ayo ezinkomo zawo, nempahla yawo.
Leave a Reply