Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Ama-Anakim
UNumeri 13 : 33
33 Sabona lapho amaRefa, amadodana ka-Enaki, evela emaRefa; sasinjengezinkumbi emehlweni ethu, futhi sasinjalo nasemehlweni abo.
UDuteronomi 1 : 28
28 Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.
UDuteronomi 2 : 10
10 Ama-Emi ayehlala kulo, abantu abakhulu, abaningi nabade njengama-Anaki;
UDuteronomi 9 : 2
2 abantu abakhulu nabade, abantwana bama-Enaki obaziyo, ozwile ukuthi: Ngubani ongema phambi kwabantwana bakwa-Enaki?
UJoshuwa 11 : 22
22 Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; kwasala eGaza, naseGati, nase-Ashidodi kuphela.
UJoshuwa 14 : 12
12 Manje nginike le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku; ngokuba wezwa ngalolo suku ukuthi ama-Anaki akhona, nemizi mikhulu, ibiyelwe; uma uJehova enami, ngiyakuba-khona ukubaxosha, njengalokho uJehova ekhulumile.
UJoshuwa 14 : 15
15 Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.
UJoshuwa 15 : 14
14 UKalebi wawaxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSeshayi, no-Ahimani, noTalimayi, amadodana ka-Anaki.
Leave a Reply