Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo adhd
KwabaseRoma 7 : 15 – 25
15 Ngokuba lokho engikwenzayo angikwazi; ngokuba engikuthandayo, lokho angikwenzi; kodwa engikuzondayo, yikho engikwenzayo.
16 Uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngivumelana nomthetho ukuthi muhle.
17 Ngakho-ke akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.
18 Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle, ngokuba ukuthanda kukhona kimi; kodwa ukwenza okuhle kangikutholi.
19 Ngokuba okuhle engikuthandayo, angikwenzi, kepha okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza.
20 Uma ngenza lokho engingakuthandiyo, akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.
21 Ngakho ngithola umthetho wokuthi, nxa ngithanda ukwenza okuhle, okubi kukhona kimi.
22 Ngokuba ngiyathokoza emthethweni kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi;
23 Kodwa ngibona omunye umthetho ezithweni zami, olwa lomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.
24 O mina muntu wosizi! ngubani ozangikhulula kulomzimba walokhu kufa?
25 Ngiyambonga uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu. Ngakho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo; kodwa ngenyama umthetho wesono.
Amahubo 42 : 8 – 11
8 Kepha uJehova uyakuyala umusa wakhe emini, nasebusuku ingoma yakhe ibe nami, nomkhuleko wami kuNkulunkulu wokuphila kwami.
9 Ngizakuthi kuNkulunkulu, idwala lami: Ungikhohlweleni? ngiyakulilelani ngokucindezelwa kwesitha na?
10 Njengenkemba emathanjeni ami, izitha zami ziyangihlambalaza; lapho bethi kimi insuku zonke: Uphi uNkulunkulu wakho?
11 Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.
KwabaseRoma 8 : 26 – 27
26 Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esingakucela ngokufanele, kepha uMoya uqobo usikhulekela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
27 Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
KwabaseRoma 8 : 33 – 39
33 Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? nguNkulunkulu olungisisayo.
34 Ngubani olahlayo? NguKristu owafa, yebo, kakhulu owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, osinxuselayo.
35 Ngubani oyakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma usizi, noma ukucindezeleka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba-ze, noma ingozi, noma inkemba?
36 Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke; sibalwa njengezimvu zokuhlatshwa.
37 Qha, kukho konke lokhu singabanqobi ngaye owasithandayo.
38 Ngoba ngileqiniso ukuthi loba ukufa, loba ukuphila, loba izingilosi, loba iziphathamandla, loba izinto ezikhona, loba izinto ezizayo;
39 nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba-namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
Leave a Reply