Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo adam
1 kwabaseKorinte 15 : 45
45 Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.
UGenesise 2 : 7
7 INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.
UGenesise 1 : 26
26 UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, phezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwazo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni wonke.
KwabaseRoma 5 : 14 – 21
14 Nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kuze kufike kuMose, ngisho naphezu kwalabo abangonanga njengesiphambeko sika-Adamu, ongumfanekiso walowo owayezakuza.
15 Kodwana isipho asinjengesiphambeko. Ngokuba uma ngesiphambeko somunye abaningi bafa, kakhulukazi umusa kaNkulunkulu nesipho ngomusa okungamuntu oyedwa uJesu Kristu, kwavama kwabaningi.
16 Futhi isipho asinjengoba saba ngowomunye owonayo;
17 Ngokuba uma ngesiphambeko somuntu oyedwa ukufa kwabusa ngalowo munye; kakhulukazi abemukela ukuvama komusa nokwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo munye, uJesu Kristu.
18 Ngakho-ke njengalokhu ngesiphambeko esisodwa ukwahlulelwa kwehlela phezu kwabantu bonke, kube ngukulahlwa; ngokunjalo ngokulunga okukodwa isipho sesihle seza phezu kwabantu bonke kube yikulungisiswa kwempilo.
19 Ngokuba njengalokho ngokungalaleli komuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela komuntu oyedwa abaningi bayakwenziwa abalungileyo.
20 Futhi umthetho wangena, ukuze isiphambeko sande. Kepha lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi;
21 ukuze njengalokho isono sabusa kube ngukufa, ngokunjalo nomusa ubuse ngokulunga kube ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.
1 kwabaseKorinte 15 : 22
22 Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo kuKristu bonke bayakuphiliswa.
Leave a Reply