Lithini iBhayibheli Abiezeri – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Abiezeri

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Abiezeri

UNumeri 26 : 30
30 Lawa angamadodana kaGileyadi: kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;

UJoshuwa 17 : 2
2 Kwakukhona nabanye abantwana bakwaManase abaningi ngemindeni yabo; kubantwana bakwa-Abiyezeri, nakubantwana bakwaHeleki, nakubantwana bakwa-Asiriyeli, nakubantwana bakwaShekemi, nakubantwana bakwaHeferi, nakubantwana bakwaSemida; labo babe ngamadodana kaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo.

Abahluleli 6 : 34
34 UMoya kaJehova wehlela kuGideyoni, wabetha icilongo; no-Abiyezeri wabuthana emva kwakhe.

Abahluleli 8 : 2
2 Wathi kubo: “Ngenzeni manje uma kuqhathaniswa nani na?” Ulibo lwezithelo zomvini zakwa-Efrayimi alungcono yini kunokuvuna umvini wase-Abiyezeri na?

2 Samuweli 23 : 27
27 no-Abiyezeri umAnethoti, noMebunayi umHusa,

1 IziKronike 27 : 12
12 Owesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwakungu-Abhiyezeri waseAnathoti wakwaBenjamini; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *