Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abenzi bokubi
Izaga zikaSolomoni 21 : 15
15 Kuyinjabulo kolungileyo ukwenza okulungileyo, kodwa abenza okubi bazakuba yimbubhiso.
Mathewu 12 : 36 – 37
36 Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.
37 Ngokuba ngamazwi akho uyakuthiwa ulungile, nangamazwi akho uyakulahlwa.
KwabaseRoma 13 : 4
4 Ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu kuwe kube kuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba ayiphatheli ize inkemba, ngokuba iyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokubuyisela ulaka kowenza okubi.
EkaJokobe 4 : 17
17 Ngakho-ke kokwaziyo ukwenza okuhle kodwa angakwenzi, kuye kuyisono.
1 kaJohane 2 : 4
4 Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, neqiniso alikho kuye.
Mathewu 7 : 21 – 23
21 Akusibo bonke abathi kimi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini.
22 Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho na? ngegama lakho bakhipha amademoni na? futhi ngegama lakho senze izimangaliso eziningi na?
23 Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.
Luka 6 : 35
35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.
IsAmbulo 21 : 8
8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.
EkaJokobe 1 : 14
14 Kodwa yilowo nalowo uyalingwa ehungwa ehungwa ngezakhe izinkanuko.
KuThithu 1 : 15 – 16
15 Kwabahlanzekile konke kuhlanzekile, kodwa kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho okuhlanzekileyo; kodwa ngisho ingqondo nonembeza wabo kungcolile.
16 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe.
Johane 8 : 32
32 Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.
Umshumayeli 8 : 11
11 Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi.
Mathewu 7 : 1 – 2
1 Ningahluleli, ukuze ningahlulelwa.
2 Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho; nesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
Amahubo 55 : 23
23 Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.
Mathewu 5 : 39
39 Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi;
2 kuThimothewu 3 : 5
5 benesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla ako bewaphika;
UGenesise 6 : 5
5 UNkulunkulu wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.
UJobe 34 : 22
22 Abukho ubumnyama nethunzi lokufa lapho abenzi bobubi bengacasha khona.
EkaJokobe 1 : 22
22 Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
Luka 21 : 8 – 9
8 Wathi: “Xwayani ningadukiswa; nesikhathi sisondele; ngakho-ke ningabalandeli.
9 Kepha nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki; kepha ukuphela akusikho masinyane.
Leave a Reply