Lithini iBhayibheli abefundisi besifazane – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana abefundisi besifazane

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abefundisi besifazane

1 kuThimothewu 2 : 11 – 12
11 Owesifazane makafunde ethule ngokuzithoba konke.
12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda, kodwa ukuba athule.

1 kuThimothewu 2 : 12
12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda, kodwa ukuba athule.

IzEnzo 18 : 26
26 Waqala ukukhuluma ngesibindi esinagogeni, okwathi ukuzwa u-Akwila noPrisila bamyisa kubo, bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngokucace kakhulu.

KwabaseGalathiya 3 : 28
28 Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.

Luka 2 : 36 – 38
36 Kwakukhona umprofethikazi uAna, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Asheri, esemdala kakhulu, ebehlala nendoda iminyaka eyisikhombisa kusukela ebuntombini bakhe.
37 Engumfelokazi okungathi iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, ongasuki ethempelini, ekhonza uNkulunkulu ngokuzila ukudla nangokukhuleka ubusuku nemini.
38 Naye weza ngaso leso sikhathi, wayibonga iNkosi, wakhuluma ngayo kubo bonke ababebheke ukukhululwa eJerusalema.

KwabaseRoma 16 : 1
1 Ngiyamtusa kini uFebe udadewethu oyisikhonzi sebandla eliseKenikreya;

1 kwabaseKorinte 14 : 34
34 Abesifazane benu mabathule emabandleni, ngokuba abavunyelwe ukukhuluma; kepha bayalwa ukuba balalele, njengokuba usho nomthetho.

UGenesise 1 : 27
27 UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.

KuThithu 2 : 3 – 5
3 Ngokunjalo nabesifazane asebekhulile baziphathe ngendlela efanele ubungcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle;
4 ukuze bafundise abesifazane abasha ukuba nezithiyo, bathande abayeni babo, bathande abantwana babo,
5 babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.

IzEnzo 2 : 17
17 “Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;

1 kuThimothewu 3 : 2
2 Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa;

Kwabase-Efesu 5 : 22 – 33
22 Bafazi, thobelani amadoda enu kungathi kukuyo iNkosi.
23 Ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
24 Ngakho-ke njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo kukho konke.
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;
26 ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;
27 ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.
28 Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
29 Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla.
30 Ngokuba singamalungu omzimba wakhe, awenyama yakhe, singamathambo akhe.
31 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye.
32 Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
33 Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.

1 kaPetru 3 : 1
1 Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;

UGenesise 3 : 16
16 Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.

Abahluleli 4 : 4 – 5
4 UDebora, umprofethikazi, umkaLapidoti, wayehola u-Israyeli ngaleso sikhathi.
5 Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuze bagwetshwe.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *