Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Zoan
UNumeri 13 : 22
22 Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)
UHezekeli 30 : 14
14 Ngiyokwenza iPhatirosi ibe ihlane ngilithungele ngomlilo eZowani futhi ngenze izijeziso eNo.
U-Isaya 19 : 11
11 Impela, izikhulu zaseSowani ziyiziwula, iseluleko sabeluleki abahlakaniphile bakaFaro senziwe indelelo; ungasho kanjani kuFaro ukuthi: Mina ngiyindodana yezazi, indodana yamakhosi amadala na?
U-Isaya 19 : 13
13 Izikhulu zaseZowani zibe yiziwula, izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe; balidukisa iGibithe, izindawo zokuhlala ezizweni zalo.
U-Isaya 30 : 4
4 Ngokuba izikhulu zakhe ziseZowani, nezithunywa zakhe zafika eHanesi.
Leave a Reply