Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Zimri
UNumeri 25 : 8
8 Wamlandela umuntu wakwa-Israyeli wangena etendeni, wababhoboza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Kanjalo isifo sabantwana bakwa-Israyeli sanqandwa.
UNumeri 25 : 14
14 Igama lomIsrayeli owabulawa, naye owabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise kwabakwaSimeyoni.
1 Amakhosi 16 : 20
20 Ezinye izindaba zikaZimri nokukhohlisa kwakhe awakwenzayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
2 Amakhosi 9 : 31
31 UJehu esengena esangweni, wathi: “Kunokuthula yini uZimri owabulala inkosi yakhe na?”
1 IziKronike 2 : 6
6 Oonyana bakaSeraki ngu oZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, beyisihlanu bebonke.
1 IziKronike 8 : 36
36 U-Ahazi wazala uJoyada; uJoyada wazala u-Alemete, no-Asmaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa,
1 IziKronike 9 : 42
42 U-Ahazi wazala uJara; uJara wazala u-Alemeti, no-Asmaweti, noZimri; uZimri wazala uMose;
UJeremiya 25 : 25
25 nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi amaMede;
Leave a Reply