Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo yini onkulunkulu intando ngempilo yami
KwabaseFilipi 2 : 12 – 13
12 Ngakho-ke, bathandekayo, njengalokho nilalela ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kepha ikakhulu manje ngingekho, sebenzelani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.
13 Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.
Kwabase-Efesu 2 : 8 – 10
8 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;
9 akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
10 Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle uNkulunkulu ayimisela ngaphambili ukuba sihambe kuyo.
KwabaseRoma 12 : 1 – 2
1 Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.
2 Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.
KwabaseRoma 2 : 6 – 8
6 Oyakubuyisela kulowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe;
7 Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;
8 Kodwa kulabo abaphikisanayo njalo bengalaleli iqiniso, kodwa belalela ukungalungi, intukuthelo lolaka;
Johane 6 : 47 – 50
47 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade.
48 Mina ngiyisinkwa sokuphila.
49 Oyihlo badla imana ehlane, bafa;
50 Lesi yisinkwa esehla ezulwini, ukuba umuntu asidle, angafi.
Leave a Reply