Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo yenza umqondo
1 kwabaseKorinte 15 : 33
33 Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
EkaJokobe 1 : 22 – 25
22 Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
23 Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo engilazini;
24 Ngokuba uyazibuka, asuke, akhohlwe masinyane ukuthi ubengumuntu onjani.
25 Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.
Izaga zikaSolomoni 2 : 6
6 Ngokuba uJehova uyapha ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqondisisa.
KwabaseRoma 2 : 15
15 ababonakalisa umsebenzi womthetho olotshiwe ezinhliziyweni zabo, unembeza wabo ufakaza futhi, nemicabango yabo isolana noma ithethelelana;
1 kwabaseKorinte 6 : 18
18 Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kodwa owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
1 kwabaseKorinte 6 : 19
19 Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
Leave a Reply