Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo yekani izingane
Mathewu 19 : 14
14 Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.
Luka 18 : 15 – 17
15 Baletha kuye nabantwana abancane ukuba abathinte; kepha abafundi sebekubona babakhuza.
16 Kepha uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
17 Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.
Marku 10 : 13 – 16
13 Baletha kuye abantwana abancane ukuba abathinte; abafundi bakhe babakhuza.
14 Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
15 Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.
16 Wabagona, wabeka izandla phezu kwabo, wababusisa.
Izaga zikaSolomoni 22 : 6
6 Fundisa umntwana indlela ekufanele ahambe ngayo, futhi lapho esekhulile ngeke aphambuke kuyo.
Luka 18 : 17
17 Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.
Kwabase-Efesu 6 : 4
4 Nani bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
Kwabase-Efesu 2 : 8 – 9
8 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;
9 akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
IzEnzo 16 : 15
15 Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga, wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona. Futhi wasicindezela.
UJeremiya 29 : 11 – 13
11 Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba.
12 Khona niyakungibiza, nihambe, nikhuleke kimi, ngiyakunilalela;
13 Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke.
Leave a Reply