Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo woza njengoba unjalo
Mathewu 11 : 28
28 Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
U-Isaya 55 : 1
1 Awu, wonke owomileyo uyeza emanzini, nongenamali; wozani nithenge, nidle; yebo, wozani nithenge iwayini nobisi ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo.
EkaJokobe 4 : 8
8 Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili.
Johane 3 : 16
16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Mathewu 16 : 24
24 Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
U-Isaya 1 : 18
18 Wozani manje siyilungise indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokubomvu, ziyakuba njengoboya bezimvu.
IsAmbulo 22 : 17
17 UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.
Leave a Reply