Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo uZiqu-zintathu ongcwele
Johane 10 : 30
30 Mina noBaba simunye.
Johane 15 : 26
26 Kodwa nxa esefikile uMduduzi, engizamthuma kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, yena uzafakaza ngami.
Johane 1 : 1
1 Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
Mathewu 28 : 19
19 Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;
Johane 1 : 14
14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
1 kaJohane 5 : 7
7 Ngokuba bathathu abafakazayo ezulwini, uYise, noLizwi, noMoya oNgcwele; futhi laba abathathu bamunye.
Johane 14 : 26
26 Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona.
UGenesise 1 : 26
26 UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, phezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwazo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni wonke.
1 kwabaseKorinte 8 : 6
6 Kepha kithina munye uNkulunkulu, uYise, okuvela kuye zonke izinto, nathi sikuye; neNkosi eyodwa uJesu Kristu, okungaye zonke izinto, nathi singaye.
IzEnzo 5 : 3 – 4
3 Kodwa uPetro wathi: Ananiya, kungani uSathane egcwalise inhliziyo yakho ukuze uqambe amanga kuMoya oNgcwele, njalo ugodle inxenye yentengo yensimu?
4 Isekhona ibingesiyo eyakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Ufakeni le nto enhliziyweni yakho na? awuqambanga amanga kubantu, kepha kuNkulunkulu.
Leave a Reply