Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Uriel
1 IziKronike 6 : 24
24 uThahati indodana yakhe, u-Uriyeli indodana yakhe, u-Uziya indodana yakhe, uSawule indodana yakhe.
1 IziKronike 15 : 5
5 emadodaneni kaKohati: u-Uriyeli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amabili;
1 IziKronike 15 : 11
11 UDavide wabiza oSadoki no-Abiyathara, abapristi, namaLevi, ku-Uriyeli, no-Asaya, noJoweli, noShemaya, no-Eliyeli, no-Aminadaba;
1 IziKronike 15 : 12
12 Wathi kubo: βNina niyizinhloko zemindeni yamaLevi; zingcweliseni nina nabafowenu, ukuze nilethe umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endaweni engiwulungisele yona.
2 IziKronike 13 : 2
2 Wabusa eJerusalema iminyaka emithathu. Igama likanina lalinguMigaya, indodakazi ka-Uriyeli waseGibeya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiya noJerobowamu.
Leave a Reply