UMUSA OMNINGI

*UKUQONDA UMUSA #3* *UMUSA ONAMASANDI AMANINGI* 1?? Umusa kaNkulunkulu unezinhlangothi eziningi. 1 Petru 4:10 ZUL59; njengalokho yilowo nalowo isipho asamukeleyo, khonzanani ngaso njengabaphathi abalungileyo bomusa omkhulu kaNkulunkulu. Izinhlangothi eziningi zisho ukuthi zinezinhlobo ezahlukene. Isibonelo uthingo lwenkosazana, lulodwa kodwa lunemibala ehlukene ngobunjalo balo. Ngakho umusa munye kodwa unezinhlangothi eziningi. NgokukaJohane 1:16 ZUL59; Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Izinga elilodwa lomusa likwethulela kwelinye. Isibonelo sezinhlobo ezahlukene zomusa ? Umusa oletha insindiso. Lokhu kubonakale kuwo wonke umuntu. KuThithu 2:11 abaningi bawubiza ngokuthi umusa osindisayo. ? Umusa ngesikhathi sokudinga. Lomusa utholakala ikakhulukazi ngezikhathi zakho zokuswela. Ungalinge ucele umusa ngesikhathi sokudinga ngoba umusa usukhona. Heberu 4:16; IHubo 46:1 ? Umusa obuyisa umuntu owile. Kunomusa onesibopho sokubuyisela umuntu esimweni sakhe sokuwa. Yingakho kungelona iqiniso ukwahlulela amadoda awile. Njalo bheka ngamehlo afuna ukuwabuyisela. IzAga 24:16; Roma 14:4; Mika 7:8 ? Umusa ophakamisa umuntu. Kukhona umusa oqondiswe ukuletha ukuphromotha. Uma ungazi ukuthi lomusa usebenza kanjani uzophazamisa ukukhushulwa okuza kuwe. Jakobe 4:6; 1 Petru 5:5 ? Umusa uyatholakala enkonzweni. Inkonzo ibuye isizwa ngomusa inkosi enipha yona. Uma inkosi ifuna ukufeza umsebenzi, ivele ikhulise umusa endodeni. isib umusa wokufundisa, umusa wesiprofetho, njll.? Umusa ngokupha. Ukupha okungaphezu kwakho kungumusa. Njengoba ukupha kuwumgomo, kunendawo lapho uzithola usunikela ngaphezu kwakho noma ngale kwemigomo futhi ukwenze kalula. Kukhona futhi umusa otholakalayo ngalokho. 2 KwabaseKorinte 8:1-7 Lezo ezinye zezibonelo zomusa kaNkulunkulu omningi nokho kungaphezu kwalokho esingakubalula okwamanje.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *