Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abavangeli
Kwabase-Efesu 2 : 8
8 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;
Marku 16 : 16
16 Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa; kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.
IzEnzo 2 : 38
38 UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
KwabaseGalathiya 2 : 20
20 Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
IzEnzo 1 : 8
8 Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.
Kwabase-Efesu 4 : 11
11 Wapha abanye ukuthi babe ngabaphostoli; labanye abaprofethi; labanye, abavangeli; labanye bangabelusi labafundisi;
IsAmbulo 14 : 12
12 Nakhu ukubekezela kwabangcwele, nabagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.
KumaHeberu 11 : 6
6 Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
Luka 13 : 3
3 Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.
Leave a Reply