abathandekayo ezulwini

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abathandekayo ezulwini

1 kwabaseThesalonika 4 : 13 – 18
13 Kepha angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenathemba.
14 Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa wabuye wavuka, ngokunjalo-ke nalabo abalele kuJesu uNkulunkulu uyobaletha kanye naye.
15 Ngokuba lokhu sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina esisekhona esisasele ekufikeni kweNkosi asiyikubandulela abaleleyo.
16 Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
17 Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.
18 Ngakho duduzanani ngalawamazwi.

1 kwabaseKorinte 2 : 9
9 Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: β€œIso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.

Johane 3 : 16
16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

2 Samuweli 12 : 23
23 Kodwa manje usefile, kungani kufanele ngizile ukudla na? ngingambuyisa ngiye kuye, kepha yena akayi kubuyela kimi.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *