Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Abashintshi Bemali
Mathewu 21 : 12
12 UJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
Marku 11 : 15
15 Bafika eJerusalema; uJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba;
Johane 2 : 15
15 Esenzile isiswepu sezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, nezimvu, nezinkomo; wayichitha imali yabashintshi, wagumbuqela amatafula;
Leave a Reply