Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abasekhweni
Mathewu 19 : 4 – 6
4 Waphendula wathi kubo: Anifundanga yini ukuthi owabadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, na?
5 Wathi: Ngenxa yalokhu indoda izatshiya uyise lonina, inamathele kumkayo, labo ababili bazakuba nyamanye?
6 Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu.
Izaga zikaSolomoni 29 : 11
11 Isiwula siyakukhuluma konke ukuqonda kwaso, kepha ohlakaniphileyo uyakulonda kuze kube sekupheleni.
Luka 16 : 1 – 31
1 Wayesethi nakubafundi bakhe: “Kwakukhona umuntu othile onothileyo owayenomphathi; yona yabekwa icala lokuthi ichithe impahla yayo.
2 Wambiza wathi kuye: “Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na? landisa ngobuphathi bakho; ngoba ungabe usaba ngumphathi.
3 Wasesithi umphathi phakathi kwakhe: Ngizakwenzani? ngokuba inkosi yami ingaphuca ubuphathi; ukuncenga nginamahloni.
4 Sengikwazi engizakwenza, ukuze, nxa ngikhutshwa ebuphathini, bangamukele ezindlini zabo.
5 Wababizela kuye bonke abanamacala enkosini yakhe, wathi kowokuqala: ‘Unecala elingakanani enkosini yami na?
6 Wasesithi: Izilinganiso eziyikhulu zamafutha. Wathi kuye: Thatha incwadi yakho, uhlale phansi masinyane, ulobe amashumi ayisihlanu.
7 Wasesithi komunye: Wena-ke unecala elingakanani? Wathi: Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni. Wathi kuye: Thatha incwadi yakho, ulobe amashumi ayisishiyagalombili.
8 Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.
9 Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abangane ngoMamona ongalungile; ukuze kuthi, nxa niphela, banamukele ezindlini eziphakade.
10 Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu, nongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu.
11 Ngakho-ke uma ningathembekanga kokukaMamona ongalungile, ngubani oyakuniphathisa okuqinisileyo na?
12 Njalo uba lingathembekanga kokukomunye, ngubani ozalinika okungokwakho?
13 Ayikho inceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba iyakuzonda enye, ithande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.
14 NabaFarisi abahahayo bezwa konke lokho, bamklolodela.
15 Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.
16 Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, wonke umuntu ufukamela kuwo.
17 Kepha kulula ukuba kudlule izulu nomhlaba kunokuba kuphele ichashana elilodwa lomlayo.
18 “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga;
19 Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elicolekileyo, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa.
20 Kwakukhona isinxibi esithile, nguLazaru, esasibekwe esangweni laso sigcwele izilonda;
21 Ifisa ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi, phezu kwalokho kwafika nezinja zayikhotha izilonda zaso.
22 Kwasekusithi wafa ompofu, wathwalwa yizingilosi esifubeni sikaAbrahama;
23 Esihogweni saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sabona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.
24 Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami; ngoba ngiyahlushwa kulelilangabi.
25 Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi;
26 Futhi phezu kwakho konke lokhu phakathi kwethu lani kubekiwe umhosha omkhulu, ukuze abafuna ukuwela besuka lapha besiya kini bangabi; futhi abanakuwelela kithi abafuna ukuvela khona.
27 Wasesithi: Ngakho ngiyakucela, baba, ukuthi umthume endlini kababa;
28 Ngokuba nginabafowethu abayisihlanu; ukuze afakaze kubo, hlezi nabo beze kulendawo yokuhlupheka.
29 U-Abrahama wathi kuye: “BanoMose nabaprofethi; mabezwe.
30 Sathi: ‘Qha, baba Abrahama, kepha uma omunye kwabafileyo eya kubo, bayakuphenduka.
31 Wasesithi kuso: Uba bengalaleli uMozisi labaprofethi, kabayikuvunyiswa, loba kuvuka omunye kwabafileyo.
Izaga zikaSolomoni 16 : 31
31 Impunga ingumqhele wenkazimulo lapho itholakala endleleni yokulunga.
Kwabase-Efesu 5 : 23 – 33
23 Ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
24 Ngakho-ke njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo kukho konke.
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;
26 ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;
27 ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.
28 Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
29 Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla.
30 Ngokuba singamalungu omzimba wakhe, awenyama yakhe, singamathambo akhe.
31 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye.
32 Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
33 Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.
Leave a Reply