abaprofethi

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abaprofethi

U-Amose 3 : 7
7 Ngempela, uJehova akenzi lutho, kodwa uyembulile imfihlo yakhe ezincekwini zakhe, abaprofethi.

1 IziKronike 29 : 29
29 Ukulandisa kwenkosi uDavide, ezokuqala nezokugcina, bheka, kulotshiwe encwadini kaSamuweli umboni, nasencwadini kaNathani umprofethi, nasencwadini kaGadi umboni,

1 kwabaseKorinte 14 : 26 – 33
26 Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha.
27 Uma umuntu ekhuluma ngezilimi, kakube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane; omunye atolike.
28 Kepha uma kungekho umhumushi, makathule ebandleni; futhi makakhulume yedwa, futhi noNkulunkulu.
29 Abaprofethi mabakhulume ababili noma abathathu, abanye bahlulele.
30 Uma kwembulwa utho komunye ohlezi khona, makathule owokuqala.
31 Ngokuba ningaprofetha nonke ngabanye ngabanye, ukuze bonke bafunde, baduduzwe bonke.
32 Imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi.
33 Ngokuba uNkulunkulu akasiye owesiphithiphithi, kodwa ngowokuthula, njengakuwo wonke amabandla abangcwele.

KumaHeberu 1 : 1
1 UNkulunkulu owakhuluma endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi.

2 kaPetru 1 : 21
21 Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.

1 kaJohane 4 : 1
1 Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *