abapristi

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abapristi

1 kaPetru 2 : 9
9 Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;

2 IziKronike 13 : 11
11 Basebehlabela uJehova iminikelo yokutshiswa lempepha yamakha njalo ekuseni lakusihlwa njalo; nezinkwa zokubukwa bazihlela etafuleni elihlanzekile; nothi lwesibani lwegolide nezibani zalo zivutha njalo kusihlwa; kepha nina nimshiyile.

UNumeri 18 : 7
7 Ngalokho wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngubupristi kukho konke okwase-altare nangaphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngininikile ubupristi benu njengesipho; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe.

UEksodusi 27 : 21
21 Etendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi, u-Aroni namadodana akhe bayakuyala lokhu phambi kukaJehova kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni: kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo kubantwana bakwa-Israyeli.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *