Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Abanxili
1 Samuweli 2 : 8
8 Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo.
Amahubo 37 : 25
25 Ngangimusha, manje sengimdala; kepha angizange ngibone olungileyo eshiyiwe, nenzalo yakhe iphanza ukudla.
Amahubo 109 : 10
10 Abantwana bakhe mabazulazule, bancenge njalo; mabafune ukudla kwabo ezindaweni zabo eziyincithakalo.
Izaga zikaSolomoni 20 : 4
4 Ivila aliyikulima ngenxa yamakhaza; ngalokho iyakucela ngesikhathi sokuvuna, ingatholi lutho.
Luka 16 : 3
3 Wasesithi umphathi phakathi kwakhe: Ngizakwenzani? ngokuba inkosi yami ingaphuca ubuphathi; ukuncenga nginamahloni.
Marku 10 : 46
46 Bafika eJeriko; kwathi ephuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu oyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni enxiba.
Luka 16 : 22
22 Kwasekusithi wafa ompofu, wathwalwa yizingilosi esifubeni sikaAbrahama;
Johane 9 : 8
8 Ngakho omakhelwane nababe bembonile ngaphambili ukuthi uyimpumputhe bathi: “Lo akuyena yini obehlezi enxiba na?
Leave a Reply