abantwana bakaNkulunkulu

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abantwana bakaNkulunkulu

1 kaJohane 3 : 1
1 Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu;

Johane 1 : 12
12 Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe;

UJeremiya 29 : 11
11 Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba.

Johane 3 : 16
16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *