Abantu, Common

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Abantu, Common

Mathewu 7 : 28
28 Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe.

Mathewu 9 : 8
8 Kodwa izixuku sezikubona zamangala, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla angaka.

Mathewu 9 : 33
33 Kuthe idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma, izixuku zamangala zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.

Mathewu 13 : 54
54 Esefikile ezweni lakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala bathi: “Lo ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?

Marku 6 : 2
2 Kwathi sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni; abaningi abamuzwayo bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu na? Yikuhlakanipha kuni lokhu akuphiweyo, ukuthi le misebenzi yamandla enje yenziwa ngezandla zakhe na?

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *