Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abantu abaziqhenyayo
EkaJokobe 4 : 6
6 Kodwa ubapha umusa owengeziwe. Ngalokho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
1 kaPetru 5 : 5
5 Ngokunjalo, nina basha, thobelani abadala. Yebo, nonke thobelani omunye komunye, nembathe ukuthobeka, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
U-Isaya 2 : 11
11 Amehlo omuntu aphakemeyo ayakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kuyakuthotshiswa, kube nguJehova yedwa ophakeme ngalolo suku.
KwabaseFilipi 2 : 4
4 Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye.
KwabaseFilipi 2 : 3
3 Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.
Amahubo 119 : 21
21 Ubakhuzile abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.
Mathewu 7 : 1 – 2
1 Ningahluleli, ukuze ningahlulelwa.
2 Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho; nesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
Leave a Reply