abantu abangathembekile

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abantu abangathembekile

Izaga zikaSolomoni 6 : 16 – 19
16 Lezi zinto eziyisithupha uJehova azizondayo: yebo, eziyisikhombisa ziyisinengiso kuye.
17 Amehlo aziqhenyayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala;
18 Inhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini;
19 Ufakazi wamanga ophafuza amanga, lohlanyela ukuxabana phakathi kwabazalwane.

1 kaJohane 2 : 4
4 Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, neqiniso alikho kuye.

KwabaseRoma 12 : 17 – 21
17 Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke.
18 Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, hlalani ngokuthula nabantu bonke.
19 Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
20 Ngakho-ke uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda laso.
21 Unganqotshwa okubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *