Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abantu abakulimazayo
Mathewu 6 : 1 – 34
1 Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini.
2 Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
3 Kepha wena nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene;
4 ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni, noYihlo obona ekusithekeni uyakukuvuza.
5 Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
6 Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
7 Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
8 Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye.
9 Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.
10 Umbuso wakho mawufike. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.
11 Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke;
12 Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi.
13 Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.
14 Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani;
15 Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
16 Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
17 Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho;
18 ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni;
19 Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala konakalisa khona, nalapho amasela efohla khona, ebe;
20 Kodwa zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu lokuthomba kungoni, lalapho amasela angafohli khona, ebe;
21 Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, nenhliziyo yenu iyakuba-khona.
22 Isibani somzimba yiso; ngakho uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uyakuba nokukhanya.
23 Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyakuba mnyama. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani lobo bumnyama!
24 Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.
25 Ngalokho ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu, ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani; nomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunesambatho?
26 Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anizincono kakhulu na?
27 Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebukhulwini bakhe na?
28 Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi;
29 Kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.
30 Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?
31 Ngakho ningakhathazeki nithi: Siyakudlani na? noma: Siyakuphuzani na? noma: Siyakwembatha ngani na?
32 Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke.
33 Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.
34 Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazihlupha ngokwalo. Banele usuku ububi balo.
KumaHeberu 10 : 17
17 Nezono zabo nobubi babo angisayikukukhumbula.
KwabaseRoma 12 : 1 – 21
1 Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.
2 Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.
3 Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
4 Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye;
5 Kanjalo thina esibaningi singumzimba munye kuKristu, futhi wonke amalungu omunye komunye.
6 Ngakho-ke silezipho ezehlukene ngokomusa esiwuphiweyo, noma ukuprofetha, asiprofethe ngokwesilinganiso sokukholwa;
7 Noma inkonzo, masihlale enkonzweni yethu;
8 noma owalayo, ekuyaleni; obusa ngenkuthalo; ohawukelayo, makehle ngokwenama.
9 Uthando kalungabi lokuzenzisa. Yenyanya okubi; namathelani kokuhle.
10 Thandanani okuhle omunye komunye ngothando lobuzalwane; ekuhlonipheni nikhethe omunye komunye;
11 Lingavilaphi emsebenzini; ovuthayo emoyeni; ukukhonza iNkosi;
12 Jabulani ethembeni; ubekezele osizini; niqinise emthandazweni;
13 Yabelani abangcwele ekuswelekeni; emukela izihambi.
14 Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.
15 Jabulani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
16 Yibani nomqondo munye omunye komunye. Ningagxili ezintweni eziphakeme, kodwa zehliseni kwabaphansi. Ningahlakaniphi ngokwenu.
17 Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke.
18 Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, hlalani ngokuthula nabantu bonke.
19 Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
20 Ngakho-ke uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda laso.
21 Unganqotshwa okubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.
U-Isaya 1 : 1 – 31
1 Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.
2 Yizwani, mazulu, uzwe, wena mhlaba, ngokuba uJehova ukhulumile, wathi: “Ngondlile ngakhulisa abantwana, kodwa bangihlubukile.
3 Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo iyamazi umkhombe womnumzane wayo, kepha u-Israyeli akazi, abantu bami abalaleli.
4 O sizwe esonayo, abantu abasindwa ngobubi, sizukulwane sabenzi bokubi, bantwana abonakele; bamshiyile uJehova, bamklolodela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehla nyovane.
5 Usalokhu ushaywa ngani? niyakudlubulunda ngokwandayo; lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.
6 Kusukela ematheni onyawo kuze kufike ekhanda akukho muntu ophilayo kuwo; kodwa imivimbo nemivimbo namathumba abolayo;
7 Izwe lakini liyincithakalo, imizi yenu ishisiwe ngomlilo; izwe lenu abafokazi bayalidla phambi kwenu, liyincithakalo njengokuchithwa kwabafokazi.
8 Indodakazi yaseSiyoni yashiywa njengendlwana esivinini, njengombhede ensimini yamakhukhamba, njengomuzi ovinjezelwe.
9 Ukube uJehova Sebawoti ubengasishiyelanga insali encane, ngabe sifana neSodoma, sifana neGomora.
10 Yizwani izwi likaJehova nina baphathi baseSodoma! lalelani umthetho kaNkulunkulu wethu, bantu baseGomora!
11 Buyini ubuningi bemihlatshelo yenu kimi na? usho uJehova, uthi: “Ngigcwele iminikelo yokushiswa yezinqama namanoni ezinkomo ezikhuluphalisiweyo; futhi angithokozi ngegazi lezinkunzi nelewundlu noma lezimbuzi.
12 Uma niza ukubonakala phambi kwami, ngubani okufunileyo lokhu ukuba ningene emagcekeni ami na?
13 Ningabe nisaletha izipho eziyize; izithako ziyisinengiso kimi; ukwethwasa kwenyanga namasabatha, ukubiza imibuthano, anginakukuqeda; kungububi, ngitsho umkhosi.
14 Ukwethwasa kwezinyanga zenu nemikhosi yenu kuyawuzonda umphefumulo wami; kulusizi kimi; Sengikhathele ukuwagqoka.
15 Uma nelula izandla zenu, ngiyakuwafihla amehlo ami kini; yebo, uma nikhuleka kakhulu, angiyikuzwa; izandla zakho zigcwele igazi.
16 Gezani, nihlanzeke; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami; yekani ukwenza okubi;
17 Fundani ukwenza okuhle; funani ukwahlulelwa, nisize abacindezelweyo, yahluleleni intandane, nimele umfelokazi.
18 Wozani manje siyilungise indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokubomvu, ziyakuba njengoboya bezimvu.
19 Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;
20 Kepha uma nala, nihlubuka, niyakuqedwa ngenkemba, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.
21 Yeka ukuthi umuzi othembekile usuphenduke kanjani isifebe! laligcwele ukwahlulela; ukulunga kwahlala khona; kodwa manje bangababulali.
22 Isiliva lakho seliyigwebu, iwayini lakho lixutshwe namanzi;
23 Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; wonke umuntu uthanda izipho futhi ujaha imivuzo; abahluleli izintandane, necala lomfelokazi alifiki kubo.
24 Ngalokho usho kanje uJehova, uJehova Sebawoti, uMninimandla ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakuzikhulula ezitheni zami, ngiziphindiselele ezitheni zami.
25 Futhi ngiyobuyisela isandla sami phezu kwakho futhi ngigeze amabibi akho ngisuse wonke amathini akho.
26 Ngiyakubuyisela abahluleli bakho njengasekuqaleni, nabeluleki bakho njengasekuqaleni; emva kwalokho uyakubizwa ngokuthi: Umuzi wokulunga, umuzi othembekileyo.
27 IZiyoni lizahlengwa ngokulunga, labaphendukayo balo ngokulunga.
28 Ukubhujiswa kwabaphambukayo nezoni kuyakuba kanyekanye, nabamshiyayo uJehova baphele.
29 Ngoba bazakuba lenhloni ngezihlahla ze-okhi enizifisayo, njalo lizakuba lenhloni ngezivande enizikhethileyo.
30 Ngoba lizakuba njengesihlahla se-okhi esibuna amahlamvu awo, lanjengensimu engelamanzi.
31 Onamandla uyakuba njengentambo nomenzi wakho njengenhlansi, zivuthe zombili kanyekanye, kungabikho ocimayo.
UEksodusi 20 : 5
5 Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.
KwabaseRoma 7 : 1 – 25
1 Anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esaphila na?
2 Ngokuba owesifazane onendoda uboshelwe ngomthetho endodeni yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.
3 Ngakho-ke uma umyeni wakhe esekhona, uyakuthiwa isifebe, uma eba ngowenye indoda; ukuze angabi sisiphingi, noma engendela kwenye indoda.
4 Ngakho-ke, bazalwane bami, nani senabulawa umthetho ngomzimba kaKristu; ukuze libe ngomunye, yena owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.
5 Ngokuba lapho sisenyameni, inkanuko yezono eyayingokomthetho yasebenza ezithweni zethu ukuba sithelele ukufa isithelo.
6 Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sesifile kulokho esasiboshwe yikho; ukuze sikhonze ngobusha bomoya, kungabi ngobudala bombhalo.
7 Ngakho siyakuthini? Umthetho uyisono na? UNkulunkulu akakuvumeli. Cha, bengingasazi isono, kodwa ngomthetho;
8 Kodwa isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi yonke inkanuko. Ngokuba ngaphandle komthetho isono sasifile.
9 Ngokuba ngake ngaphila ngaphandle komthetho;
10 lomlayo owawungowokuphila ngawuthola ungowokufa.
11 Ngokuba isono sathola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo.
12 Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.
13 Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? UNkulunkulu akakuvumeli. Kepha isono, ukuze sibonakale siyisono, sisebenza ukufa kimi ngalokho okuhle; ukuze isono ngomyalo sibe yisono kakhulu.
14 Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya, kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.
15 Ngokuba lokho engikwenzayo angikwazi; ngokuba engikuthandayo, lokho angikwenzi; kodwa engikuzondayo, yikho engikwenzayo.
16 Uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngivumelana nomthetho ukuthi muhle.
17 Ngakho-ke akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.
18 Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle, ngokuba ukuthanda kukhona kimi; kodwa ukwenza okuhle kangikutholi.
19 Ngokuba okuhle engikuthandayo, angikwenzi, kepha okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza.
20 Uma ngenza lokho engingakuthandiyo, akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.
21 Ngakho ngithola umthetho wokuthi, nxa ngithanda ukwenza okuhle, okubi kukhona kimi.
22 Ngokuba ngiyathokoza emthethweni kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi;
23 Kodwa ngibona omunye umthetho ezithweni zami, olwa lomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.
24 O mina muntu wosizi! ngubani ozangikhulula kulomzimba walokhu kufa?
25 Ngiyambonga uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu. Ngakho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo; kodwa ngenyama umthetho wesono.
Mathewu 5 : 1 – 29
1 Wathi ebona izixuku wenyukela entabeni;
2 Wasevula umlomo wakhe, wabafundisa, wathi:
3 Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
4 Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa.
5 Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.
6 Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.
7 Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.
8 Babusisiwe abahlanzekile enhliziyweni, ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
9 Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu.
10 Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
11 Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
12 Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.
13 Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu.
14 Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala.
15 Futhi abantu abasosi isibani basibeke ngaphansi kwesitsha, kodwa basibeke othini; futhi ikhanyisela bonke abasendlini.
16 Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
17 Ningacabangi ukuthi ngize ukuchitha umthetho noma abaprofethi; angizanga ukuchitha, kodwa ukugcwalisa.
18 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
19 Ngakho oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
20 Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
21 Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungabulali; nobulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.
22 Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo.
23 Ngakho uma uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe;
24 Shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe; qala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.
25 Vumelana masinyane nesitha sakho, usesendleleni naso; funa omelene nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni.
26 Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze uphume lapho, uze ukhokhe ifadingi lokugcina.
27 Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungaphingi;
28 Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
29 Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle;
UJeremiya 31 : 34
34 Abasayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, bathi: ‘Yazini uJehova, ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuye komkhulu phakathi kwabo, usho uJehova; ngoba ngizabathethelela. Ububi, nesono sabo angisayikusikhumbula.
Leave a Reply