Abakhokhi bentela

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Abakhokhi bentela

Mathewu 5 : 47
47 Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na?

Mathewu 9 : 11
11 Kwathi abaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: Kungani umfundisi wenu esidla labathelisi lezoni?

Mathewu 11 : 19
19 INdodana yomuntu yafika idla, iphuza, bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umngane wabathelisi nezoni. Kodwa ukuhlakanipha kulungisiswa kubantwana bakho.

Mathewu 18 : 17
17 Uma engasezwa, tshela ibandla;

Mathewu 21 : 31
31 Ngumuphi kulaba ababili owenza intando kayise na? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.

Luka 18 : 11
11 UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: “Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.

Mathewu 21 : 32
32 Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye;

Luka 3 : 12
12 Kwasekufika nabathelisi ukuba babhapathizwe, bathi kuye: “Mfundisi, siyakwenzani na?

Luka 7 : 29
29 Nabo bonke abantu abamuzwayo nabathelisi bathi uNkulunkulu ulungile, bebhapathizwa ngobhapathizo lukaJohane.

Mathewu 9 : 9
9 Esadlula lapho uJesu wabona indoda, igama layo linguMathewu, ihlezi endaweni yokuthela, wathi kuyo: “Ngilandele. Wasuka-ke, wamlandela.

Mathewu 10 : 3
3 uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu;

Marku 2 : 14
14 Esadlula, wabona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele. Wasukuma wamlandela.

Luka 5 : 27
27 Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi ogama lakhe linguLevi ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.

Luka 18 : 14
14 Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kulomunye; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa.

Luka 19 : 10
10 Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa obekulahlekile.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *