Abahluleli bakwa-Israyeli

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Abahluleli bakwa-Israyeli

Abahluleli 2 : 19
19 Kwathi lapho esefile umahluleli, babuya futhi bonakalisa bona ngaphezu kwawoyise ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze futhi babakhothamele; abazange bayeke izenzo zabo kanye nezindlela zabo ezilukhuni.

IzEnzo 13 : 20
20 Emva kwalokho wabanika abahluleli isikhathi esingangeminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu, kwaze kwafika uSamuweli umprofethi.

Abahluleli 3 : 11
11 Izwe laba nokuphumula iminyaka engamashumi amane. U-Otheniyeli indodana kaKenazi wafa.

Abahluleli 3 : 31
31 Emva kwakhe kwaba nguSamgari indodana ka-Anati owabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu ayisithupha ngociko lwenkabi; wasindisa no-Israyeli.

Abahluleli 10 : 2
2 Wahola u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nantathu, wafa, wembelwa eSamiri.

Abahluleli 10 : 5
5 Wafa uJayire, wembelwa eKamoni.

Abahluleli 12 : 7
7 UJefta wahola u-Israyeli iminyaka eyisithupha. UJefta wakwaGileyadi wafa, wembelwa komunye wemizi yakwaGileyadi.

Abahluleli 12 : 10
10 U-Ibisani wayesefa, wembelwa eBetlehema.

Abahluleli 12 : 12
12 U-Eloni wakwaZebuloni wafa, wembelwa e-Ajaloni ezweni lakwaZebuloni.

Abahluleli 12 : 14
14 Wayenamadodana angamashumi amane namadodana omfowabo angamashumi amathathu agibela izimbongolo ezingamashumi ayisithupha; wahola u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili.

1 Samuweli 4 : 18
18 Esekhulume ngomphongolo kaNkulunkulu, wawa nyovane esihlalweni esingasesangweni, yaphuka intamo, wafa, ngokuba wayeyindoda endala enzima. Futhi wahola u-Israyeli iminyaka engamashumi amane.

1 Samuweli 7 : 6
6 Basebebuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kweNkosi, bazila ukudla ngalolosuku, bathi lapho: Sonile eNkosini. USamuweli wayala abantwana bakwa-Israyeli eMispa.

1 Samuweli 7 : 17
17 Wayebuyela eRama; ngoba yayikhona indlu yakhe; wayala khona u-Israyeli; wamakhela khona uJehova i-altare.

1 Samuweli 8 : 5
5 Wathi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; manje simisele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *