abafazi

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abafazi

Kwabase-Efesu 5 : 22 – 33
22 Bafazi, thobelani amadoda enu kungathi kukuyo iNkosi.
23 Ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
24 Ngakho-ke njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo kukho konke.
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;
26 ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;
27 ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.
28 Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
29 Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla.
30 Ngokuba singamalungu omzimba wakhe, awenyama yakhe, singamathambo akhe.
31 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye.
32 Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
33 Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.

Kwabase-Efesu 5 : 25
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;

KwabaseKolose 3 : 19
19 Madoda, thandani omkenu, ningabazondi.

Izaga zikaSolomoni 31 : 10
10 Ngubani ongathola umfazi oqotho? ngoba intengo yakhe idlula kakhulu amarubi.

Kwabase-Efesu 5 : 28
28 Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.

1 kuThimothewu 2 : 11 – 15
11 Owesifazane makafunde ethule ngokuzithoba konke.
12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda, kodwa ukuba athule.
13 Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva.
14 Futhi u-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane ekhohlisiwe waba esonweni.
15 Nokho uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.

1 kaPetru 3 : 1 – 5
1 Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;
2 bebona inkambo yenu emhlophe kanye nokwesaba.
3 Ukuhloba kwenu makungabi ngokokwangaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokwembatha izingubo;
4 Kodwa makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo, ekuhlobeni okungaboliyo, okungomoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
5 Ngokuba endulo bazihlobisa nabesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo;

Kwabase-Efesu 5 : 22
22 Bafazi, thobelani amadoda enu kungathi kukuyo iNkosi.

1 kwabaseKorinte 6 : 18
18 Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kodwa owenza ubufebe wona owakhe umzimba.

Izaga zikaSolomoni 21 : 19
19 Kungcono ukuhlala ehlane kunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothukuthele.

1 kaPetru 3 : 7
7 Kanjalo nani madoda, hlalani nabo ngokokwazi, nibanike udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, nanjengezindlalifa kanye nani zomusa wokuphila; ukuze imikhuleko yenu ithiye.

Kwabase-Efesu 5 : 31
31 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye.

Mathewu 5 : 28
28 Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.

KumaHeberu 13 : 4
4 Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.

1 kwabaseKorinte 6 : 9 – 11
9 Anazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa: nazifebe, nabakhonza izithombe, naziphingi, nabesilisa abalalanayo, nabesilisa abalalanayo,
10 Namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
11 Babenjalo abanye kini, kepha senagezwa, senangcweliswa, senalungisiswa egameni leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.

Kwabase-Efesu 5 : 33
33 Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.

Mathewu 5 : 32
32 Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, umenza ukuba aphinge;

KwabaseKolose 3 : 17
17 Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *